Umthwebuli ozakhele igama eshaya isithombe esihle sengane iphethe isinkwa se-Albany, uLungisani Mjaji, uthi akatholanga ngisho isenti elimnyama kwa-Albany ngomsebenzi owakhankasa isinkwa sabo mahhala ezinkundleni zokuxhumana.
UMjaji uveze lokhu kuleli sonto ebonga abantu ngokusabalalisa lesi sithombe, noma abakwa-Albany bethe asihambisani nohlelo lwabo lokukhankasa.
“Noma isithombe singangenanga ohlelweni lwe-Albany, siyaqhubeka nohambo lwethu ngomfutho. Angikungabazi nakancane ukuthi ikusasa likamshana liqhakazile, nelami ngokunjalo.”
Ebhala ngobudlelwano babo ne-Albany ngemuva kwesithombe ubeke kanje: “Asitholanga lutho ngaleyanto. Ngicela sikuchithe ukuthi kukhona esakuthola. Sesiqhubekile nempilo, siyaqhubeka nomsebenzi futhi ngiyethemba uMdali uzoqhubeka asihole. Ngizoqhubeka ngiyeseke ingane ngokuncane enginakho. Ubuntu abusekho.”
I-Albany ikuqinisekisile ukuthi uMjaji akakholwanga, kunalokho umndeni waphiwa olofu bezinkwa.