Balale ngezibuhlungu abalandeli bebhola kuleli kulandela ukuvela kwezindaba zokubulawa komdlali weKaizer Chiefs uLuke Fleurs edunwa imoto.

Ngokwemibiko uFleurs, obesalinde ithuba lokuqala umdlalo kwiChiefs, udutshulwe ngoLwesethathu ntambama.

Lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala ujoyine iChiefs ngo-Okthoba nyakenye ngemuva kokushiya iSuperSport United. Noma ijezi ubengakalitholi, ubeseyingxenye yeqembu elikhulu kwiChiefs futhi bekulindeleke ukuthi aqale athole ithuba lokuziveza kahle ngesizini ezayo.

Ilungu lomndeni liqinisekise lolu daba ngoLwesithathu ebusuku.

UFleurs uhlanganise imidlalo engu-70 kuMatsatsantsa, washaya amagoli amabili, ngemuva kokujoyina leli qembu esuka ku-Ubuntu FC ngoJulayi 2018.