Umqeqeshi weCape Town City u-Eric Tinkler ubona usemkhulu umqansa obahlalele beyiqembu yize bedlulele kuma-semifinals eMTN8 ngempelasonto.

UDarwin Gonzalez uvalele iphenathi eweze iCityzens ngomzuzu ka-88 behlula iSekhukhune United ngo 1-0 ePeter Mokaba Stadium ngoMgqibelo.

UTinkler uthi kusafanele babhukule abadlali njengoba sekusondele ukuqala kweBetway Premiership ngoSepthemba. 

“Besinamasonto ayisithupha okuhlelela ukuqala kwesizini entsha. Imidlalo yesihle ayifinyeleli ezingeni lemdlalo yePSL. Kunomehluko omkhulu noma ungaqinisa ejimini.

“Izinga leqembu libonakale kulomdlalo, ngibonile ukuthi baqinile futhi nemiyalelo yami bayilandelile. Kukhona nokungicasulile emdlalweni, ikakhulukazi uma singaliphethe ibhola. 

“Kufanele siqinise kakhulu emaphutheni esiwenzile. Ngijabulile ngomfutho ebesinawo, besilwela ukuwina ngenkani. Ngijabule kakhulu ngabadlali kodwa kusekuningi okumele sikulungise,” kusho uTinkler ekhuluma nabezindaba.

UTinkler uthi yimidlalo yePSL kuphela ezokhomba ukuthi sebeyilungele kangakanani isizini entsha. 

“Lomdlalo usize kakhulu ngoba sengizohlelela olandelayo. Inkinga sesizodlala ngomhlaka 14 kuSepthemba, okuyisikhathi eside esilingana ne-preseason. 

“Imidlalo yesihle ayilivezi izinga leqembu. Ukudlulela kumzuliswano olandelayo yikhona okuzosikhombisa izinga lethu ngoba sizobhekana neqembu eliqinile endleleni ebheke kowamanqamu. 

“Lokhu kwehlisa ijoka enginalo ngoba angeke ngisacabanga ngokuthola iqembu esizongcweka nalo emdlalweni wesihle. Ngikholwa ukuthi neStellies (Stellenbosch) sizonqaba ukungcweka nathi kowesihle. Awekho amanye amaqembu adlala kuPSL azinze eKapa. 

“Kunzima ukubheka imidlalo yesihle kodwa ngijabule ngoba sidlulele kumzuliswano olandelayo,” kusho uTinkler.

ICity iqhathwe ne-Orlando Pirates kuma-semifinals azohlukaniswa ngemilenze emibili. Izinkundla nezikhathi zizoqinisekiswa yiPSL ngokuhamba kwesikhathi.