Siyanda isibalo sabadlali okungenzeka bashiye iStellenbosch FC njengoba kubikwa ukuthi iMamelodi Sundowns isikhuluma ngqo nomgadli wayo u-Iqraam Rayners kulandela ukuvumelana naleli qembu ngemali yokumthenga.

Ngokombiko weSABC Sport iSundowns ivele yenza izinto zaba lula ngokukhipha imali yokukhulula uRayners kwinkontileka anayo neStellies.

Ngaphandle kweSundowns, kubikwa ukuthi lo mdlali ubenezesheli naseNorth Africa ezichithiwe. Imali ekhishwe yiSundowns iyinikeza imvume yokuthi ikwazi ukuxoxisana nalo mdlali ozobe engaqali ukudlala ePretoria njengoba eke wazama kwiSuperSport United.

Kubikwa ukuthi iSundowns ikhokhe imali engaphezulu kukaR10 million ukuze ithole uRayners.

Ukusayiniswa kwakhe kuzoshiya imibuzo nokho njengoba leli qembu lisanda kusayinisa umgadli waseBrazil u-Arthur Sales. Uma ejoyina uzobanga ijezi noSales, Peter Shalulile noLucas Ribeiro.

Umqeqeshi weSundowns uManqoba Mngqithi uwumqeqeshi ofuna ukudlala ngesivinini phambili, futhi ufuna abagadli abahlakaniphile. Ukuthengwa kukaRayners kungenzeka ukuthi kwenzelwa ukuqinisa isikwati kwiCAF Champions League ngoba kuzokhumbuleka ukuthi ngesizini edlule iDowns ophume isiyizwa ngendaba inethi.