Umqeqeshi weManchester City uPep Guardiola ukholwa ukuthi u-Erling Haaland uzogcina ewaphulile amarekhodi abekwe uLionel Messi noCriatiano Ronaldo uma eqhubeka ngegiya akulo lokuvalela amagoli.

UHaaland uvalele enethini amagoli amathathu iCity ilobola onakoti i-Ipswich Town emdlalweni wePremier League ngoMgqibelo. Lomgadli ubeshaya ihattrick yeshumi selokhu ajoyina iCity.

UHaaland useshaye amagoli angu-94 emidlalweni engu-101 kwiCity ayijoyina ngo-2022 esuka kwiBorussia Dortmund. Lomgadli unamagoli angu-67 emidlalweni engu-68 yeligi. 

UGuardiola uthi inani lamagoli aseshaywe uHaaland limbeka ezithendeni zikaMessi noRonaldo abaphule inqwaba yamarekhodi e-Europe. 

“Ubeyibhakuzisa inethi kwiSalzburg naseGermany, amagoli asewashayile ayamangaza. Uzowahubha amarekhodi aqopheka kusadlala uCristiano noMessi. Amagoli asewavalele enethini ayamangaza uma ubheka neminyaka yakhe. Uyingozi, ngiyathemba usazohlala eminye iminyaka kwiCity,” kusho uGuardiola ekhuluma nabeBBC Sport.

Lomgadli uzihola phambili emjahweni wamagoli kwiPremier League njengoba esevalele amane. 

UHaaland ubengekho kumqhudelwano we-EURO 2024 kwazise izwe lakhe iNorway alikwazanga ukuzibekisela ngendawo. UGuardiola uthi uHaaland uvuna izithelo zokuphumula ngokwanele ngamaholidi. 

“Ngasho emasontweni adlule ukuthi uHaaland uzizwa esesimeni esingcono ukudlula amasizini angaphambilini. Uphumule ngokwanele kulesizini ngoba ubengadlali kwi-EURO. Sikhulumile eStates ngoba kunezinto ebengifuna azishintshe. Angeke ayidlale yonke imidlalo kodwa siyazi ukuthi ubaluleke kangakanani,” kusho uGuardiola.