Umqeqeshi weCape Town City u-Eric Tinkler uthi iqembu lihlome ezinhlakeni zonke kulesizini kulandela ukuqiniswa kwesikwati ngabadlali abaneminyaka begijima kuPSL.
ICity izitholele mahhala uFortune Makaringe, Kamohelo Mokotjo noHaashim Domingo asebebuya emaqenjini amakhulu kuleli. Leliqembu selisayine abadlali abangu-8 abazolekelela ekufezeni umbandela we-top 4 ofunwa yizikhulu.
UTinkler uthi wagcina ngo-2016 ukubona iCity ihlanganise isikwati esiqinile.
“Ngikhumbula ukuthi sabumba iqembu eliqinile ngo-2016. Ngikholwa ukuthi iqembu lihlome kuzona zonke izindawo, angikhumbuli sinesikwati esiqine kangaka emlandweni weqembu. Ngicabanga ukuthi nabanye abadlali bazovuka emaqandeni.
“Ukuqina kwesikwati akusho ukuthi iqembu lizodlala kahle. Kuzocaca ngoMgqibelo ukuthi sineqembu eliqine kangakanani. Sihlanganise isipiliyoni nanadlali abasebancane. Ngicabanga ukuthi abadlali abasebancane bazozuza kakhulu ngokungcweka nabadlali abafikile,” kusho uTinkler ekhuluma nabezindaba.
UTinkler uthi izomphathisa ngekhanda eyokuqoka isikimu njengoba sekukhona abadlali abanamava.
ICity izobhekana neSekhukhune United emdlalweni weMTN8 ngoMgqibelo.
“Abadlali abasha banyuse izinga labanye abadlali. Lokho kuyangijabulisa njengomqeqeshi. Sekuzoba nzima ukuqoka isikimu, ngizophithanelwa yikhanda noma sekudingeka ngiqoke abadlali abangu-21 abahambela umdlalo.
“Ngiyayamukela ingcindezi enginayo, kuzoshuba umbango wejezi eqenjini,” kusho uTinkler.