Ophethe ezokukhangisa kwiKaizer Chiefs uJessica Motaung, usenxuse abalandeli ukuthi bamuphe isikhathi sokujwayela umgadli omusha weqembu uFlavio Silva (29).

Lo mgadli obefake unombolo 77 kwimidlalo yokulungiselela isizini entsha eNetherlands akakoranga nelilodwa igoli kwimidlalo ayidlalile, futhi ushiye kunongabazane ngekhono lakhe kubalandeli baMakhosi ezinkundleni zokuxhumana.

UMotaung uthi amaphaphu phansi.

“Uma ngikhuluma ngabadlali abasha engingakusho nje wukuthi sisalungiselela isizini entsha…abadlali kufanele banikezwe ithuba, ngikhuluma ngabadlali abasha noma abadlali abakhushulwe kuma-reserve.

“Kubalulekile ukuthi banikezwe ithuba lokujwayela ozakwabo abasha…abalandeli kuzofanele bababekezelele, basazobabona beziveza enkundleni uma sekuqale isizini.”

Lo mgadli odabuka eGuinea Bissau kulindeleke ukuthi anikezwe ithuba lokuqala phambi kwabalandeli beChiefs emdlalweni weToyota Cup ngoMgqibelo eMoses Mabhida Stadium.

Khonamanjalo, akukacaci noma iChiefs isazophinde ibuyele emakethe izame ukusayinisa omunye umdlali ngemuva kokubhekana nenkinga yendlala yamagoli eNetherlands, obekuyinkinga enkulu nangesizini edlule kwiligi.

Njengamanje kusanemibiko ekhomba umgadli weMamelodi Sundowns, u-Etiosa Ighodaro, kuMakhosi.