Ukapteni weSekhukhune United uLinda Mntambo uthi ngesizini ezayo ubona ezakhe zingena embangweni wesicoco seligi, futhi bengalandela ezinyathelweni zeLeicester City eyanqoba isicoco sePremier League kungalindele muntu.

ISekhukhune kumasizini amabili edlule iqede kunombolo 4 kwi-log yeBetway Premiership, futhi isiphenduke iphela endlebeni kumaqembu amaningi kwiligi.

Ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2025/26, isisayinise abadlali okubalwa kubo oBradley Grobler, Manuel Sapunga, Miguel Timm, Sphiwe Mahlangu noRonaldo Marmaan, kanti kulindeleke ukuthi iqhubeke nokusayinisa abanye.

“Sihlose ukudlala kangcono kunendlela esidlale ngayo ngesizini edlule,” kusho uFigo engxoxweni neFARPost.

“Noma siqede endaweni yesizini kabili kulandelana, ngesizini edlule siqoqe amaphuzu amaningi, sinqobe kaningi futhi sigcine amaclean sheet amaningi.

“Nakule sizini sifuna ukwenza kangcono uma siqhathanisa nesizini edlule. Sifuna ukuqinisekisa…nginethemba lokuthi singaqeda kunombolo 3 noma 2. Futhi ngeke wazi…uma iLeicester yakwazi ukukwenza [ukunqoba iligi], nathi sinethuba.”

Ngaphandle kwesicoco seligi, lo mdlali uthe engathanda ukubona iBabina Noko ilwela ukunqoba okungenani icup eyodwa kule sizini.