Owayengumgadli weKaizer Chiefs uCollins “Ntofontofo” Mbesuma, uthi kuzomsiza ukuqhulula amagoli zisuka umgadli omusha waMakhosi uFlavio Silva, kungenjalo uzobhekana nenkinga.

UMbesuma ubeke kanje ngeledlule ngemuva kokubuka iChiefs ibhekene neVitesse, kodwa empeleni akukho okutheni okumphuthile ngoba lo mdlali akukho okutheni asekuvezile kwimidlalo embalwa aseyidlalile kuMakhosi.

Empeleni ngemuva komdlalo wokuqala nje abalandeli beChiefs base beqalile ukukhalaza kwi-live yeChiefs bethi ‘is not make sure’ (asimboni kahle), abanye bethi ibanjwe inkunzi futhi. Ngesikhathi iGibela ibuza ekhasini layo ukuthi abalandeli beKhosi bathini ngalo mdlali omunye wavela wambiza ngeBimenyimana Elisha, emfanisa nowayengumgadli weChiefs uBonfils-Caleb Bimenyimana owahluleka kwiPSL.

Eluleka uSilva engxoxweni neSowetan uMbesuma ubeke kanje: “Angiwubukanga wonke umdlalo kodwa ngawabuka amazwibela…ngiyazibona futhi nezinkulumo ezinkundleni zokuxhumana ngomgadli omusha uSilva.

“Kufanele azi ukuthi kwiChiefs uma uwumgadli awunikezwa sikhathi sokuthi uqale ujwayele. Kufanele ushaye inethi zisuka, kungenjalo abalandeli bazokufakela ingcindezi.

“Kufanele ashaye umsebenzi manje. KwiChiefs nakwiPirates abalandeli abakunikezi isikhathi. Imizuzu ewu-45 isikhathi esiningi kabi. USilva kufanele aqinisekise ukuthi uqala manje ukukora, ngisho kuyimidlalo yobungani.”