Kunento encane engifisa ukubhala ngayo namhlanje njengoba sekubalwa amasonto ambalwa ngaphambi kokuthi kuqale isizini ka-2025/26 yeBetway Premiership.
Abalandeli abaningi bazoya kwisizini entsha amathemba abo ephezulu ngokungenziwa amaqembu abo kule sizini, kodwa ngifisa ukushiya isexwayiso esincane nje kubalandeli beKaizer Chiefs ngeqembu labo.
Amakhosi aqede isizini edlule kunombolo 9 kwiligi, okuyihlazo eligqitshwe wukuthi iqembu linqobe iNedbank Cup ngesizini edlule. Ukunqoba kwayo iNedbank Cup kusho ukuthi izobe idlala nakwiConfederations Cup, okuyinto ezosiza iqinise iqembu.
Inkinga nje ngibuka amalungiselelo eChiefs, uma sihlala kubadlali ebasayinisile kuleli windi, kungicacele ukuthi leli qembu alikazimiseli ukuyeka umkhuba wokungoqa nemali, noma ke asithi ukungakwazi ukuxoxisana namaqembu ePSL ngabadlali kuze kufike la ikhetha ukusayinisa abadlali abadlala ngaphandle kwezwe.
Uma sibuka abadlali abasayiniswe Amakhosi kuleli windi, iningi labo batholwe mahhala. Yiliphi iqembu elake lanqoba isicoco seligi ngabadlali abahlanganiswe mahhala eminyakeni embalwa edlule? Angiboni ukuthi likhona. Lokho akusho ukuthi yinto engeke yenzeke, kodwa uma ubuka ukuqina kwamaqembu adlala kwiPSL, uyasala umbuzo wokuthi kungani iChiefs ingayikhiphi inkece ukuze isayinise abanye babadlali abagijima kwiligi edlala kuyo.
Abadlali bePSL abathembisayo uma bengayanga kwi-Orlando Pirates noma kwiMamelodi Sundowns uma sikhuluma iqiniso nje sebephelela kumaqembu afana noStellenbosch FC, TS Galaxy, neSekhukhune United. Abanye bathi lokhu kudalwa wukuthi uma iChiefs izama ukusayinisa umdlali kuvele kubekwe isamba esiphezulu, uma kuqhamuka amanye amaqembu imali iyehliswa, okuyinto engakholakali. Angiliboni nje iqembu lehlisela iPirates noma iSundowns imali.
Abadlali beChiefs ebathole mahhala: Ethan Chislett (Port Vale), Nkanyiso Shinga (FC Alverca), Flavio Silva (Persebaya Surabaya), Thabiso Monyane (Orlando Pirates), Paseka Mako (Orlando Pirates), Siphesihle Ndlovu (SuperSport United).
Angisho ukuthi iChiefs ayikhiphe izimali zayo zokugcina isayinisa abadlali, kodwa bekungakuhle ukuthi ike ikhiphe imali isayinisa abadlali bamaqembu ePremiership, abadlali abanamava okugijima kuyo.
Okwamanje sisekhona isikhathi sokuthi Amakhosi aqhubeke aqinise isikwati. Ngokubona kwami iChiefs isadinga abadlali ababili noma abathathu abahle abebegijima kwiPremiership ngesizini edlule. Kodwa hhayi abacoshwa mahhala.