UMokwena uveza afuna ukukwenza kwisizini yakhe yokuqala e-Algeria
Umqeqeshi omusha weMC Alger uRulani Mokwena uthi umsebenzi wakhe wokuqala kuleli qembu kuzoba wukuqinisekisa ukuthi bavikela isicoco seligi abasinqobe ngesizini edlule.
Umqeqeshi omusha weMC Alger uRulani Mokwena uthi umsebenzi wakhe wokuqala kuleli qembu kuzoba wukuqinisekisa ukuthi bavikela isicoco seligi abasinqobe ngesizini edlule.
Kubikwa ukuthi iManchester United isibheke ukusayinisa umgadli ongalibheki ipali ngemuva kokusayinisa obewumdlali weBrentford FC uBryan Mbeumo okulindeleke ukuthi asize iqembu phambili.
Ukapteni weSekhukhune United uLinda Mntambo uthi ngesizini ezayo ubona ezakhe zingena embangweni wesicoco seligi, futhi bengalandela ezinyathelweni zeLeicester City eyanqoba isicoco sePremier League kungalindele muntu.
Ophethe ezokukhangisa kwiKaizer Chiefs uJessica Motaung, usenxuse abalandeli ukuthi bamuphe isikhathi sokujwayela umgadli omusha weqembu uFlavio Silva (29).