Umdlali weSekhukhune United uKeletso Makgalwa useveze akubona njengesizathu sokungaphumeleli kwiMamelodi Sundowns eyampheka ebusheni bakhe.
Lo mdlali (28) ushaya into ecokeme kwiBetway Premiership neSekhukhune manje, osekudale ukuthi abizwe okokuqala kwiBafana Bafana ngaphambi komdlalo neZambia ngoMgqibelo.
“Ngaqala kahle ngisemncane kwinkulisa yeSundowns,” kusho uMakgalwa.
“Ngathola ithuba lokudlala kwi-U20 FIFA World Cup nakwi-U23 Africa Cup of Nations…

“Ngicabanga ukuthi ngba nohambo oluhle kodwa ebholeni abadlali bayalimala. Ngaba nenkinga yokulimala isikhathi esiningi ngesikhathi ngidlalela iSundowns.
“Lokho kwenzeka ngemuva kwe-treble esayinqoba noPitso Mosimane. Konke kwakuhamba kahle kodwa ngemuva kwalokho izinto zashintsha.
“Yingakho ke ngagcina sengibolekiswa…kodwa ngaba nesikhathi esihle kwiSundowns, ngabanjezelwa ukulimala nje kuphela.”