Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthi uLyle Foster wumgadli omuhle ukuthi ubuye ahlushwe wukuvilapha.
UBroos ubeke kanje ngemuva kokubuka uFoster edlala ngamathuba emdlalweni weBafana nePanama izolo eMoses Mabhida Stadium. Umdlalo ugcine uphele ngo 1-1, kanti abalandeli bake bazwakalisa ukungenami ngoFoster baze bacela ukuthi akhishwe eqeda ukugeja elinye ithuba.
“Yah no ngakolwami uhlangothi uLyle umgadli omuhle, lodwa ubuye avilaphe uma edlala,” kusho uBroos ekhuluma nabezindaba izolo ngemuva komdlalo.
“Esiwombeni sokuqala akhona amathuba awatholile, kodwa ubengcono kakhulu esiwombeni sesibili. Uma uLyle enyakaza ngesivinini, ekhombisa ukuqina ebholeni, uba yingozi kakhulu kunokuthi ae alinde ibhola.
“Ngiyazi muhle ngisho umnikeza ibhola ezinyaweni, akavamile ukulilahla, kodwa akuyona indlela esifuna ukudlala ngayo leyo – sifuna umgadli ozohlasela ibhokisi, akwazi ukubamba ibhola adlalisane nabanye. Sifuna ukudlala ibhola elinyakazayo.”