Ummeli kaLucas Ribeiro Costa uthi ulindele ukuthi athole incwadi egunyaza lo mdlali ukuthi ajoyine elinye iqembu ‘maduze’ – kodwa ngeke kube lula njengoba ecabanga.

UCosta uvalelise kubalandeli beMamelodi Sundowns ngesonto eledlule, njengoba kunemibiko yokuthi uzojoyina iDeportiva Leonsa edlala kwiMvela yaseSpain.

Lokhu kulandela ukubhuntsha kwezingxoxo ebeziphakathi kweQatar SC neMamelodi Sundowns ngokumsayinisa.

URibeiro wafaka udaba lwakhe enkantolo yabadlali kwiFIFA ngoba ekholwa wukuthi iDowns idlala ngaye ngokungamdayisi ekubeni kubekwe imali ayibona yanele ukuthi ashiye kuleli.

Ummeli wakhe uJean-Louis Dupont uthi iFIFA izonquma ‘ezinsukwini’ kulolu daba.

“Ezinsukwini nje iFIFA kuzofanele ivumele lo mdlali ukuthi ajoyine elinye iqembu ukuze ingaphuli umthetho owabekwa ngemuva kodaba likaDiarra enkantolo yabasebenzi e-Europe. Ngisho nemithetho yeFIFA isho okufanayo.”

Khonamanjalo, iMamelodi Sundowns ayikathi vu kulolu daba lukaRibeiro ngemuva kwesitatimende eyasikhipha iveza ukuthi izimisele ukuqhubeka nezingxoxo namaqembu afisa ukusayinisa lo mdlali, inqobo nje uma ezokhokha imali abayifunayo.

Ngisho engayithola incwadi egunyaza ukuthi ajoyine elinye iqembu, iFIFA izonquma ngenani okufanele likhokhelwe iMamelodi Sundowns. Uma iqembu afisa ukulijoyina lingenayo leyo mali, kusazofanele aqhubeke athungathe elinye iqembu elizovuma ukuyikhokha.