Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthi isitobha se-Orlando Pirates uNkosinathi Sibisi sibhekene nezembe eqenjini lesizwe uma sizoqhubeka nokukhuhla ibhentshi kwiDStv Premiership ngesizini ezayo.
USibisi, oneminyaka ewu-28, kuphele isizini eselizwa ngendaba ijezi kweZimnyama. Ugcine ukudlala umdlalo ophelele kwiligi ngo-18 May. Empeleni nje mibili kuphela imidlalo adlale kuyo u-90 mins ngo-2024 kwiligi. Selokhe ebuye kwi-Africa Cup of Nations neBafana, uSibisi ubekwe ebhentshini ukubuya kuka-Olisa Ndah obelimele.
Noma kunjalo, ungenile esikwatini seBafana esezobhekana neNigeria neZimbabwe kwimidlalo yokuhlungela iFIFA World Cup. Ekhuluma nabezindaba kuleli sonto uBroos uveze ukuthi isengcupheni indawo kaSibisi kwiBafana.
“USibisi udlale imidlalo embalwa (kwiPirates). Kodwa kulungile, usehambe nathi kusukela ekuqaleni. Uwumdlali olungile, njalo uma ngimdinga ukhona.
“Kodwa uyazi, futhi nami ngiyazi, uma kuqhubeka kanje ngesizini ezayo kuzomele ngithathe isinqumo sokuyeka ukumbiza.”
Zimi kanje izitobha zeBafana ngemuva kokulimala kukaGrant Kekana: Mothobi Mvala, Given Msimango, Siyabonga Ngezana, Nkosinathi Sibisi.
IBafana izobhekana neNigeria ngoLwesihlanu ngo-9 ebusuku.