I-Orlando Pirates isimemezele ukuthi isihlukene nomdlali wasesiswini obesehlale iminyaka emihlanu eMayfair, uFortune Makaringe.

Lo mdlali ufike kwiPirates esuka kwiMaritzburg United. Unqobe iMTN8 neNedbank Cup kwiPrates. Udlale imidlalo ewu-147, wavalela amagoli awu-10, nama-assist awu-9.

Noma bekubukeka sengathi uyabuya ezinhlelweni zikamqeqeshi uJose Riveiro kule sizini, lo mdlali ugcine eqoke ukubheka ikhaya elisha njengoba echithe isikhathi esiningi ekhuhla ibhentshi.

“Awekho amagama esingakwazi ukuwasebenzisa ukuveza indlela esimbonga ngayo uMakaringe. Kwisikhathi asichithe nathi ukhombise ukuziphatha ngendlela efanelekile ngaso sonke isikhathi,” kusho isitatimende sePirates.

“Iqembu liyohlale limkhumbula futhi simfisela okuhle kodwa.”

Ngaphandle kwalo mdlali, iPirates izolo imemezele ukuhamba komgadli waseCameroon uSouaibou Marou.