Luthathe elinye igxathu udaba oluphakathi kwePremier League neMan City engase iphucwe izicoco, idliwe yizembe, uma itholwa inecala kumacala awu-115 ebhekene nawo.

IMan City ngoLwesibili ifake iPremier League enkantolo, iphonsela imithetho yeFootball Association (FA) inselelo ngoba iyibona icindezela amaqembu adlala kule ligi.

Kuzokhumbuleka ukuthi amacala awu-115 abhekene neCity athinta imithetho ebekwe yiFA, ethinta kakhulu ukuxhaswa kwamaqembu. Luzongena ngoNovemba nonyaka udaba lwamacala abekwe iCity athinta ukuthola imali kwizinkampani ezihlobene nabaphathi beqembu, okuyinto engavumelekile kwiPremier League. Lokhu kusho ukuthi uma uwumnikazi weqembu elidlala kwiPremier League, awuvumelekile ukulixhasa ngemali oyenza kwelinye ibhizinisi lakho, kubekwe umthamo wemali ongakwazi ukuyifaka.

Ukuze ibe sendaweni engcono, leli qembu lihambele phambili iPremier League lavele layifaka enkantolo njengamanje ukuze uma kuphuma isinqumo esizoyikhipha phambili, kuzokwehla umqansa ezobhekana nawo ngoNovemba.

Ngaphandle kokufaka iPremier League enkantolo, iCity ifuna ukunxeshezelwa ngemali eyigejile eminyakeni edlule ngenxa yemithetho ebekwe yiFA.

Abahlaziyi abaningi bathi iCity izama ukusebenzisa imali nezinkantolo ukuqinisekisa ukuthi amacala abhekene nawo azobiza ngendlela exakile ukuwaqula, agcine eseyekiwe. IPremier League ingase iqiniswe ukwesekwa amaqembu adlala kule ligi.