Umthwebuli obalwa nabaphambili ebholeni kuleli, uVino Snap, useveze okwakubhalwe encwadini uRulani ayinikeza uKhuliso Mudau ngesikhathi kushubile kowamanqamu weNedbank Cup ngempelasonto.
URulani wabonakala enikeza uMudau ipheshana elibhalwe okuthile esiwombeni sesibili ngesikhathi umdlalo uhleli ku 1-1.
ISundowns yagcina idliwe ngo 2-1 ekugcineni kulo mdlalo kodwa sekuvelile ukuthi yayithini incwadi uRulani ayibhalela abadlali bakhe.
“Ngithe nginganifela. Ngicela ningangilahli (I said I could take a bullet for you. I’m asking you nit to give up on me.”
The story of “incwadi encani” continues 📝
— Vino Snap 🇿🇦 (@snap_vino) June 5, 2024
“I SAID I COULD TAKE A BULLET FOR YOU!!
I’M ASKING YOU NOT TO GIVE UP ON ME”
Mara VINO ka SNEPE ke papa paparazzi straight 📸
Y’all don’t call me “THE EYE OF GOD” for nothing 📸 pic.twitter.com/xwzn2Fqklx
Umbhalo kaRulani ubeka ngokusobala ukuthi wayekhathezekile ngokudliwa yiPirates kulo mdlalo. Ngemuva komdlalo wazwakala esezinuka amakhwapha, ethi kumele ahlaziye isizini acabange ngokuthi ngabe kusamfanele yini ukuba wumqeqeshi waleli qembu.