IDemocratic Alliance ithi izimisele impela ukungena kuhulumeni wokubambisana ne-ANC namanye amaqembu kodwa icela kushaywe ngesithende i-EFF neMK Party, kungenjalo ayizi.

IDA ibeke lombono kulandela isimemezelo sikamengameli we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa ngesifiso skuba nohulumeni obunjwe amaqembu ezepolitiki awu-18 aphakanyiselwe ukuya ephalamende.

NgoLwesihlanu engxoxweni neSAFM, okhulumela iDA uWerner Horn ukubeke kwacaca ukuthi abazimisele ngokusebenzisana ne-EFF neMK ngenxa yemigomo yabo abangahambisani nayo.

Kuzokhumbuleka ukuthi iMK ike yaveza ukuthi ifuna kuqalwe phansi umthethosisekelo wakuleli, kanti i-EFF ngakolunye uhlangothi ifuna umhlaba ubuyiselwe kubantu bakuleli ngaphandle kokunxeshezelwa kwabantu abawuthola ngezikhathi zobandlululo nangesikhathi kudliwa umhlaba.

UHorn uthe sebexoxisene namanye amaqembu ngokuphatha nge-coalition kodwa akukho okusavunyelwane ngakho okwamanje.

Uthe iDA isafuna ukuthola kahle ukuthi uzosebenza kanjani uhulumeni wokubambisana.

Khonamanjalo, ne-EFF namhlanje ntambama ikubeke kwacaca ukuthi ayizimisele ngokuba sesayidini elilodwa ne-DA namanye amaqembu ‘abamhlophe’.

Okubeke i-ANC kulesi simo ukuhluleka ukuthola iningi ngesikhathi kuvotwa ngo-29 May, osekunikeze amaqembu aphikisayo ithuba lokuthi nawo abe nezwi ngokumele kwenzeke okuphathweni kwezwe.