Ubuholi be-Economic Freedom Fighters (EFF) sebushaye phansi ngonyawo buthi abuyingeni eyokuphatha izwe ngokubambisa neDemocratic Alliance (DA) namanye amaqembu ‘amele izifiso zabamhlophe’.
Iphini likamengameli we-EFF, uMnuz Floyd Shivambu, lithe uhulumeni wokubambisana ngo-1994, owawuholwa nguDkt Nelson Mandela, awubenzelanga lutho abantu boHlanga, ngakho akawuboni usebenza namhlanje.
“Asihambisani nesiphakamiso sokubusa ngokubambisana…asifuni ukuba kuhulumeni nabantu abamele izifiso zabadli bomhlaba.
“Ngeke sibambisane neDA, ngeke sihlale eceleni kweDA ne-FF Plus kuhulumeni siyi-EFF.
DP @FloydShivambu giving clarity on where the EFF stands on the issue of “Government of National Unity”.
— Economic Freedom Fighters (@EFFSouthAfrica) June 7, 2024
The DP says the EFF does not want to form part of a government with representatives of white colonial apartheid system. #EFFWayawaya pic.twitter.com/TdQ4Czj4xY
UShivambu uthe i-EFF isihlanganile nobuholi be-ANC ngalolu daba kodwa basazophinde bahlangane bezokhuluma ngohulumeni wokubambisana.
Izolo umholi waleli qembu uMnuz Julius Malema usheshe wamphumela obala waveza ukungenami kwakhe ngokulawulwa yi-ANC ngokumele kwenzeke ekubeni ingalunqobanga ukhetho.