Usihlalo weDemocratic Alliance (DA) uHelen Zille uthi kusukela kulo nyaka i-ANC kumele ikujwayele ukuthi ngeke iphinde iqoqe amavoti angaphezulu kuka-50% okhethweni lukazwelonke.

UZille uveze lokhu engxoxweni neNewzroom Afrika ngoLweine ntambama njengoba kuqhubeka kahle ukubalwa kwamavoti okhetho obelungoLwesithathu.

Ngesikhathi sokushicilelela lolu daba bese kubalwe amavoti awu-20.41%. I-ANC ihamba phambili (43.39%), ilandelwe yiDA (24.83) bese kuba yi-EFF (8.81%) endaweni yesithathu.

Amaqembu athuse abaningi, iMK (8.05%) nePA (4.09%), nabo bakwi-top 5 njengamanje.

Ekhuluma ngezinombolo ezivelayo njengamanje uHelen Zille uyishayele ihlombe iPA, eveza ukuthi bebelindele ukuthi izodla abalandeli bayo.

“Kodwa abagcinanga ngathi kuphela. Kukhona nebathole kwi-ANC nakwi-EFF, namanye amaqembu amacane,” kuchaza uZille.

Ebuzwa nge-ANC, uthe akayiboni idabula ku-50% kulokhu. UZille uthe ngeke libe khona iqembu elizodlula ku-50%.

“Okhethweni olufana nalolu akufanele vele ngabe kuneqembu elithola amavoti angaphezulu kuka-50%. I-ANC ngeke iphinde ithole ngaphezulu kuka-50%. Kuzoba namaqembu amahlanu/ayisithupha okuzomele asebenze ngokubambisana.”

UZille uthe noma yenza kahle iPA eWestern Cape, akakungabazi ukuthi bazoqoqa amavoti anele ukuthi lesi sifundazwe sihlale ngaphansi kwabo.