UMkhonto weSizwe Party usuphumele obala waveza ukuthi ngeke uphathe ngokubambisana ne-ANC engaphumile uMnuz Cyril Ramaphosa kwesobumengameli.
Amaqembu ezepolitiki akuleli amatasa nokweshelana kulezi nsuku njengoba ephoqelekile ukuthi athole indlela yokuphatha ngokubambisana noma ngaphansi kohulumeni wobumbano ophakanyiswe yi-ANC kuleli sonto.
I-EFF isheshe yabeka imibandela yayo yokuqala iveza ukuthi ngeke ukwazi ukusebenzisana neDemocratic Alliance (DA), FF+, namanye amaqembu ‘abhekelela abamhlophe’.
Kuphele usuku lwayizolo neDA isiphumele obala ngokuthi ayikufisi ukusbenzisana ne-EFF ngokunjalo neMK.
IMK ivele yaqonda ngqo kumholi we-ANC yathi ayimfuni uma kuzosetshenziswana. Lokhu kuvezwe okhulumela iMK uMnuz Nhlamulo Ndhlela engxoxweni ne-IOL.
“Sicela ukucacisa ukuthi simfuna ehambile uRamaphosa. Siyakhuluma ne-ANC, sibe nomhlangano nayo namhlanje, kodwa akuyona i-ANC kaRamaphosa.
“I-ANC iyazi kumele yenzeni ukuze ihlenge izwe. Kumele iqinisekise ukuthi uyahoxa. Kukhona abangafuni ahambe ngoba bayazivikela, kodwa baningi abaholi abangaphakathi kwi-ANC abafuna ahambe ukuze kusimame izwe,” kusho uNdhlela.
Ngesikhathi ememezela ukweseka uMK nyakenye uMnuz Jacob Zuma waveza ukuthi lokhu ukwenza ngoba ezama ukuhlenga i-ANC nezwe kwi-ANC ‘angayazi’, ephethwe wuRamaphosa.
ON COALITIONS: If you come to us with the demand that Ramaphosa must step down as the President of ANC, that is not going to happen.#ElectionResults pic.twitter.com/Q0f3GsAoqH
— ANC SECRETARY GENERAL | Fikile Mbalula (@MbalulaFikile) June 2, 2024
NgeSonto uNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthe awakhohlwe amaqembu afuna ukuthi kuhoxiswe uRamaphosa kwesobumengameli ukuze asebenzisane nale nhlangano.
“Abazofika nalesi siphakamiso abahambe bashone ngoba ngeke siyingene eyabo. Siyazi amaqembu azofuna izinto ezithile ukuze asebenzisane nathi, kodwa ekaRamaphosa ngeke siyenze, akayi ndawo,” kusho uMbalula ngesikhathi ekhuluma nabezindaba esikhungweni semiphumela yokhetho eMidrand.
Ephendula le nkulumo uNdhlela uthe uMbalula unephupho lokuba wumengameli we-ANC ngelinye ilanga.
“UFikile unezifiso zokuba ngumengameli we-ANC. Akusho esidlangalaleni nakwenza ngemuva yizinto ezimbili ezihlukene. Singaphezulu isibalo sabafuna ahambe uRamaphosa kanabafuna ahlale. Uma i-ANC iqoka umfelandawonye one-DA phakathi, kuyoba ukuphela kwayo. Angikungabazi lokho.”