Umdlali we-Orlando Pirates uPatrick ‘Tito’ Maswanganyi usexwayise abalandeli beZimnyama ukuthi bengaqali ukujabulela isicoco seligi manje ngoba abakasinqobi noma kuthembisa kule sizini.
UMaswanganyi, obekhuluma no-Andile Ncube kwiMetro FM uveze ukuthi akafuni abalandeli baphoxeke ngendlela abaphoxeka ngayo ngesizini edlule ngoba nakhona kwabheda ekugcineni.
“Nakanjani siyafuna ukunqoba isicoco seligi. Sifuna ukunqoba zonke izinkomishi ezisele,” kusho uMaswanganyi.
“Ngeshwa siphumile kwiChampions League nayo ebesifuna ukuyinqoba kule sizini. Kusele ama-cup amabili, sifuna ukuwathatha.
“Abalandeli akufanele baqale manje ukubhiyoza ngenxa yendawo esikuyo kwiligi ngoba nangesizini edlule sasiqhwakele, kodwa kwaphela isizini sesigudluziwe.
“Sizothatha umdlalo ngomdlalo, nabalandeli kufanele benze okufanayo.”
I-Orlando Pirates izobhekana ne-Carling All Stars kusasa eMoses Mabhida Stadium ngo-3 ntambama.