UMarawa unqumele iPirates ugwayi katiki kolukaSaleng
Umethuli wezemidlalo ohlonishwayo kuleli uRobert Marawa usenikeze i-Orlando Pirates izinsuku ezimbili ukuthi idalule ukuthi kwenzekani ngoMonnapule Saleng kungenjalo uzokuveza yena ngoba useyazi.
Umethuli wezemidlalo ohlonishwayo kuleli uRobert Marawa usenikeze i-Orlando Pirates izinsuku ezimbili ukuthi idalule ukuthi kwenzekani ngoMonnapule Saleng kungenjalo uzokuveza yena ngoba useyazi.
Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi ujabule ngokuzikhandla kukaPule Mmodi wathi kuningi akwenzela iqembu okunganakiwe, okumenza umdlali ophambili.
Usomaqhinga weKaizer Chiefs uKaizer Motaung Jnr usechaze kabanzi ngokubenze bavume ukudayisela iqembu laseLibya uThatayaone Ditlhokwe ngemali ebalelwa kuR16 million.
IKaizer Chiefs isimemezele ukuthi usedayiselwe iqembu laseLibya, i-Al Ittihad, umdlali wasemuva uThatayaone Ditlhokwe.
Owayengumqeqeshi kwinkulisa ye-Orlando Pirates uMandla Qhogi usedalule ukuthi amaqembu amabili ePSL, abala kuwo iMamelodi Sundowns, azama ukubadlela umzila wokusayinisa uRelebohile Mofokeng kodwa ashweba.
Owayengumdlali we-Orlando Pirates uCollins ‘Fabregas’ Makgaka, oyibamba esiswini kwiBaroka FC, usekulindele ngabomvu ukubhekana neZimnyama koweNedbank Cup Last 16 ngoMgqibelo.
Ukuxoshwa kweRoyal AM kwiPSL kuzophazamisa amaqembu amaningi agijima kwiBetway Prermiership abesecoshe amaphuzu eqenjini likaShauwn Mkhize okubalwa kuwo iMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs.
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso usale ebalisa ngokungasitholi isikhathi sokuphumula ezakhe zishaywa yiTS Galaxy ngo 1-0 koweBetway Premiership ngoLwesibili.
Onompempe abadala kuleli u-Ace Ncobo noVictor Hlungwani banokushayisana kwemibono ngokwenzeka kuGlody Lilepo emdlalweni weKaizer Chiefs neStellebosch FC.
Usephinde wahlukanisa abalandeli phakathi umgadli weMamelodi Sundowns odabuka eBrazil, uLucas Ribeiro Costa, njengoba seziphinde zabuya izicelo zokuthi abizwe kwiBafana Bafana ngemuva kwakwenze kwi-Orlando Pirates ngempelasonto.