Usomaqhinga weKaizer Chiefs uKaizer Motaung Jnr usechaze kabanzi ngokubenze bavume ukudayisela iqembu laseLibya uThatayaone Ditlhokwe ngemali ebalelwa kuR16 million.

Zishaqe abalandeli abaningi baMakhosi izindaba zokudayiswa kwalo mdlali njengoba ebeyingxenye yodonga lwasemuva obelubukeka seluhlangana ngaphansi komqeqeshi uNasreddine Nabi.

UMotaung Jnr uthi bekungesona isinqumo esilula ukumdedela ngoba bebengafuni ukumdayisa.

“Bekungesona isinqumo esilula ngemuva kokuthintwa yi-Al Ittihad ngoTT,” kusho yena.

“Sikhulumile nomdlali waveza ukuthi engathanda ukuyodlala eLibya ukuze ezokhulisa amava okudlala e-Africa aphinde azibeke endaweni angathola amanye amathuba kuyo.

“Njengeqembu besingafuni ukumvimba, sibonga indlela aziphathe ngayo.

“Noma sizomkhumbula, sibona ethole ithuba elihle futhi siyambonga ngakwenzele iChiefs, simfisela inhlanhla endaweni yakhe entsha yokusebenza.”

UTT, ophinde abe wukapteni weBotswana, ujoyine iChiefs esuka kwiSuperSport United ekuqaleni kwesizini ka-2023/2024. Wajoyina iChiefs mahhala kwazise wayesephelelwe yinkontileka kwiSuperSport eyayisafisa ukumsayinisa inkontileka entsha ukuze izohlomula uma imdayisa.

Noma iChiefs ibingafuni ukumdayisa, imali eyenzile ngaye izoyisiza ekupheleni kwesizini njengoba uNabi useqalile ukwenza izinhlelo ngezindawo afuna ukuziqinisa eqenjini.