Owayengumqeqeshi kwinkulisa ye-Orlando Pirates uMandla Qhogi usedalule ukuthi amaqembu amabili ePSL, abala kuwo iMamelodi Sundowns, azama ukubadlela umzila wokusayinisa uRelebohile Mofokeng kodwa ashweba.

UQhogi wayeyingxenye yabaqeqeshi bePirates abaxoxisana neSchool of Excellence ngokusayinisa uMofokeng owayefunwa ubuthaphuthaphu amaqembu agijima kwiPSL.

Lo mdlali waheha ama-scouts amaningi ngesikhathi edlalelala iSchool of Excellence, laphinde lakhula udumo kwakhe ngemuva kokudlala kwiPirates Cup nakwi-Engen Knockout Challenge.

“Ngabona uRele edlala komunye umqhudelwano ngingazi uwumdlali weSchool of Excellence,” kusho uQhogi engxoxweni neFARPost.

“Ngaqala ukumlandela ngemuva kwalokho mqhudelwano. Kwase kweza iSchool of Excellence izodlala kwiPirates Cup, wabonwa abaphathi bePirates.

“Nakhona saqhubeka samlandela ngoba asimsayinisanga ngemuva kwePirates Cup. Saqhubeka samlandela eyodlala kwi-Engen Tournament ngoba ayemaningi amaqembu ayemfuna, kwadingeka ukuthi siphuthumise izinhlelo zokumsayinisa.”

UQhogi uthi Ezimnyama zakwazi ukusayinisa lo mdlali ngemuva kokuxoxisana ne-School of Excellence nabazali bakhe.

Uthi ngemuva kwalokho kwaqhamuka iSundowns izama ukusayinisa yaze yabeka ‘imali enhle’ kodwa yashweba ngoba wayesewumdlali weBucs.

“Ngatshelwe nokuthi iSekhukhune naye ibimfuna, kodwa iqembu elalimfuna kakhulu yiSundowns, baze babeka imali enkulu bezama ukuthenga kwiSchool of Excellence. Ngeke ngidalule ukuthi kwakuyisamba esingakanani. Kodwa bakwenza sesimsayinisile uRele.

UMofokeng ufike washaya into ecokeme kwi-reserve team yePirates wakhushulelwa kwifirst team asenqobe iMTN8 neNedbank Cup kuyo, wayisiza ukuthi ubuyelwe kwiCAF Champions League kule sizini. Nakule sizini usaqhubeka nokushaya into ecokeme kwiligi nakwiCAF.