Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi ujabule ngokuzikhandla kukaPule Mmodi wathi kuningi akwenzela iqembu okunganakiwe, okumenza umdlali ophambili.
UNabi uncome lo mdlali ngemuva kwendlela adlale ngayo iChiefs ixebula iChippa United ngo 3-0 koweNedbank Cup ngoMgqibelo.
“Kuyamangalisa okwenziwe wuMmodi enkundleni,” kusho uNabi, osebizwa ngoMnabisi ezinkundleni zokuxhumana.
“Kwesinye isikhathi abantu bafuna ukugxila kumathaba awagejeli, kodwa uwumdlali wasophondweni, akuwona umsebenzi wakhe wokuqala ukukora.
“Mhlawumbe bekumele awakore amanye amathuba alula asewatholile, kodwa ngokwami ubewumdlali wethu ovelele enkundleni.
“Uwumdlali ozikhandlayo kusukela uqala umdlali uze uyophela, uhlale eyingozi. Mhlawumbe niyawabona nama-set piece asiwinela wona. Ngisho singaliphethe ibhola, uyamaka.
“Kumele ngimncome. Ungomunye wabadlali bethu abaphambili.”
IChiefs izothola namhlanje ngo-6 ukuthi izobhekana naliphi iqembu kumaqaurterfinal eNedbank Cup.