Umqeqeshi weBafana Bafana uthi sekusele kancane bazibekisele indawo kwi-2026 FIFA World Cup ngoba alikho iqembu abalisabayo manje kodwa kumele bagweme ukwenza izinto ‘eziwubuwula’.
UBroos ubeke kanje ngemuva kokunqoba kweBafana ngo 2-0 emdlalweni wayo neBenin okuqinise indawo yayo esicongweni kuGroup C. Amaqembu azoqeda esicongweni onke azozibekisela indawo kwiWorld Cup ezodlalelwa e-USA, Mexico naseCanada ngonyaka ozayo.
UBroos uthi bekungelula esaqala umsebenzi wokupheka iBafana kodwa ujabule ngendawo abakuyo manje.
“Kwakungelula eNingizimu Afrika onyakeni wokuqala; sabhekana nezinkinga eziningi, kodwa saqhubeka nomsebenzi safuna abadlali abazongena khaxa esikwatini. Sabathola, manje ngikholwa wukuthi sineqembu elihle kakhulu.
“Asisabi muntu manje. Okumele sikwenzele nje Ukuqhubeka sisebenze ngokuzikhandla njengoba besenza kuze kube manje. Angisho ukuthi sesiqede konke. Kodwa sisendaweni enhle. Ngaleli qembu, uma singenzi izinto eziwubudomu, kusele kancane singene kwiWorld Cup.
Abadlali beBafana babuye kuleli namhlanje ekuseni besuka e-Ivory Coast. Bazoqhubeka nemidlalo yokuhlungela iWorld Cup ngoSeptember nango-October, bese ilungiselela i-Africa Cup of Nations ezoqala ngo-21 December 2025 eMorocco.