Umqondisi wezokukhangisa kwiKaizer Chiefs uJessica Motaung uvele wagudla iHollywoodbets Super League ebuzwa ngokuthi zihamba kanjani izinhlelo zokusungula iqembu labesifazane.
Sekuneminyaka engaphezulu kwemihlanu iChiefs ibambise abalandeli bayo udonga ngokusungula iqembu labesifazane. KwiPSL namanje asabalwa amaqembu asesungule amaqembu abesimame. Kuwo kubalwa iMamelodi Sundowns, engompetha beHollywoodbets Super League, TS Galaxy, Royal AM ne-University of Pretoria egijima kwiMotsepe Foundation Championship.
Eminyakeni embalwa edlule kuvele imibiko yokuthi iChiefs ingase ithenge iJVW kodwa ngathi lezo zinhlelo zagcina zibhuntshile.
Kuyimanje, iChiefs yenza uhlelo ngokubambisana neFIFA nomnyango weCorrectional Services kuleli emajele esifazane ukuzama ukushintsha izimpilo zabo ngokubafundisa ibhola, kodwa ayinaqembu labesifazane.
Ephawula uJessica uthe kumele kubukwe yonke into ngaphambi kokuthi basungule iqembu labesifazane.
“Kufanele sibheke izinhlaka sebhola labesifazane kulesi. Kumele sibheke ukuthi sinawo Yini indawo yokuba neligi yabesifazane esimeme. Njengamanje sineligi engakaqali ngisho ukuqala,” kusho uMotaung ekhuluma ngeHWB Super League okufanele ngabe isiqalile kodwa kuthule.
“Ubakhetha kanjani abadlali beBanyana uDesiree Ellis abadlali bengakadlali ngisho imidlalo emithathu/emine? Ngakho ngicabanga ukuthi lufanele sizibheke zonke lezi zinto. Ngeke sivele sisungule iqembu nje. Sidinga ukusimama.
Njengamanje akukacaci ukuthi kubanjezelwe yini ukuqala kweSuper League kodwa abalandeli bayo sebeqale ukuzwakalisa izikhalo ezinkundleni zokuxhumana.