Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos unqabile ukuphawula ngendaba yamakhadi kaTeboho Mokoena ngemuva kokubuka ezakhe zishaya iBenin ngo 2-0, kodwa uwabekile ambalwa ngalolu daba.
IBafana iye emdlalweni wayizolo sekunokudideka ngokuzokwenzeka ngomphumela ewuthole ngoLwesihlanu odlule ishaya iLesotho ngo 2-0 njengoba sekuvele ukuthi uMokoena ngokomthetho kwakungafanele adlale ngenxa yokuthola amakhadi amabili aphuzi emdlalweni edlule yokuhlungela.
Izolo uMokoena ubekwe ngaphandle.
UBroos uthe ngeke asho lutho kulolu daba.
“Okokuqala nje kumele niqonde ukuthi ngeke ngisho lutho ngalokho. Yinto ezothatha amasonto ukuthi ixazululwe, akumele nilindele lutho kimina, ngeke ngiphawule,” kusho uBroos ekhuluma ngesiFrench nabezindaba e-Ivory Coast ngemuva komdlalo wayizolo.
Ekhuluma ngomdlalo wabo neBenin, uBroos uqale ngokuncoma iBenin ngokuqhamuka namaqhinga okuzama ukuvimba iBafana.
“Besazi singaba yingozi eqenjini elifana neBenin, okuyinto enhle, kodwa namhlanje into esiyenze kahlee wukugcina ibhola sibekezele silinde amathuba akahle.
“Esiwombeni sokuqala iBenin kukhona ebingakwenza, kodwa esiwombeni sesibili njengoba bekushisa bese beqala ukukhathala, kwaqala ukuba lula ngakuthina.
“Besingawavalela amanye amagoli. IBenin ayenzanga lutho, ithole ithuba elilodwa nje esiwombeni sokuqala kodwa umdlalo besiwuphethe futhi bekusifanele ukunqoba.”
Khonamanjalo, umqeqeshi weLesotho ukuqinisekisile ukuthi iFootball Association isibhalele iCAF neFIFA ngalolu daba, uma iphumelela izonikezwa iwin ka 3-0 ikhuphukele kunombolo 2 kuGroup C, kodwa iBafana izobe isaqhwakele ihamba phambili ngephuzu elilodwa.
IBafana isalelwe yimidlalo emine yonke ezoyidlalela eNingizimu Afrika.