Umdlali we-Orlando Pirates neBafana Bafana uPatrick ‘Tito’ Maswanganyi usegcine eyiphendulile inkulumo kaJomo Sono owamfanisa nentuthwane ngonyaka odlule.

USono ngoSeptember wazwakalisa isikhalo ecela abantu bezindaba bayeke ukuqhathanisa abadlali beBucs naye, wabe esephawula ngoTito kulandela ukunikezwa kwakhe ishumi kwimidlalo yeCAF Champions League.

Wabeka kanje ngaleso sikhathi: “Ngambona eshaya izitayela ebheke ngakunozinti wakhe. Angazi, ngavele ngashintsha isiteshi ngafaka ibhola lase-England. Wayebheke emuva kodwa iPirates ikora ngapha…nami ngangibajabulisa abantu kodwa ngangingaphambani nePirates. Angisho ukuthi kubi ayekwenza kodwa ikona engakuqaphela ngesikhathi ngimbona kuloya mdlalo.

“Uwumdlali okahle kodwa ngicela ningasiqhathanisi. Bonke kuyaphela ngabo uma senibaqhathanisa nami. Awuyiqhathanisi indlovu nentuthwane.

“Akaqhubeke adlale ibhola nje yena, anganaki okunye.”

Ekhuluma kwisiqephu sesibili seBucs Camp edlala kuSuperSport uMaswanganyi ugcine eyiphendulile le nkulumo kaSono wathi ayimphathanga kahle.

“Ayehlanga kahle lento ayisho, mhlawumbe akakaboni ngiwumuntu onjani,” kusho uMaswanganyi.

“Ngokwami uma ngidlala ngisuke ngingadlaleli ukukhombisa abantu engingakwazi ukukwenza. Njalo uma ungingena enkundleni ngikwenza ngoba ngiuyakuthanda ukudlala ibhola futhi ngifuna ukuwina.

“Akumele ubukele abanye abantu phansi ngisho ngabe uwubani. Ngoba ngiwumdlali weqembu ayelidlalela naye, kumele ngabe uyangeseka ukuze nami ngikholwe wukuthi ngingafika ezingeni lakhe ngoba sikuleli qembu ukuze sizame ukwenza kangcono kunababekhona.

“Baningi abasazoza befuna ukwenza kangcono kunathi.”