Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthi ayambulala ngensini amanye amagama abadlala okuthiwa bekufanele ababize eqenjini lesizwe, wenza isibonelo ngoThembinkosi Lorch.

UBroos uveze lokhu ekhuluma nabezindaba izolo lapho akhumbuze khona izintatheli ukuthi ekugcineni wumsebenzi wakhe ukuqoka abadlali ababona bezosiza iqembu.

“Ngike ngifunde ezindabeni abadlali okuthiwa singababiza, ngavele ngaphela yinsini. Bengihleka ngempela ngoba lento ingivezelile ukuthi kunezintatheli ezahlulela abadlali ngobungani, noma ngokuthi badlalela liphi iqembu,” kusho uBroos.

“Angenze isibonelo nje. Ezinyangeni ezintathu ezedlule kulokhe kuvela igama lika Lorch. Ukhona umuntu obone uLorch edlala eminyakeni emibili edlule? Akekho.

“Udlale kwi-Orlando Pirates, waphuma esikimini. Wadayiswa. Wayejabule ngokuqeqeshwa wuRulani kwiSundowns. Wafika kwiSundowns wadlala imidlalo embalwa, kwaphela ngayo. Bamxosha nabo.

“Uhlale eMorocco unyaka…manje ezinyangeni ezintathu ezedlule usewumdlali omuhle. Uma nicabanga nina thina asikwazi lokho? (embuza izintatheli).

“Mina uma ngibuka umdlali akuyi ngokuthi ngiyamthanda noma cha, ngibuka izinga lakhe, akwazi ukukwenza uma sihlasela noma sesimaka, ngibuka ukuthi uzolisiza kanjani iqembu? Ngiyahlaziya bese ngiyanquma ukuthi cha ngeke asisize.

“Abantu bacasuke ke abanye bethu nginenkani. Abenze abakufunayo, mina onqumayo kodwa. Angisoze ngabiza umdlali engingakholwa ukuthi engasisiza”