UMayambela ukhomba ushintsho alubona kwi-Orlando Pirates
Owayengumdlali we-Orlando Pirates neBloemfontein Celtic uMark Mayambela uthi phambilini iBucs ibingelona iqembu elidayisela amaqembu aphesheya abadlali kodwa ubona sekuqala ukushintsha lokho.
Owayengumdlali we-Orlando Pirates neBloemfontein Celtic uMark Mayambela uthi phambilini iBucs ibingelona iqembu elidayisela amaqembu aphesheya abadlali kodwa ubona sekuqala ukushintsha lokho.
Umdlali weMamelodi Sundowns neBafana Bafana uTebogo Mokoena uthi kuningi abakufunde ngesizini edlule abafuna ukwenza kangcono kukho ngesizini ezayo, ikakhulukazi izinto abaziqaphe bedlala kwiFIFA Club World Cup.
Umgadli omusha we-Orlando Pirates uthi wazisa ugogo wakhe kuqala ngesikhathi eqeda ukusayina inkontileka nezinkunzi zaseSoweto athi ujabule kakhulu ngokuzijoyina.
Uhulumeni waseNingizimu Afrika usuthembise ukuqinisa imithetho ethinta ukusebenza kwezinkampani zokugembula kuleli njengoba sanda isibalo sabantu abanenkinga yakugembula ngokunjalo nesezinkampani ezisebenza ngaphandle kwemvume.
Usomabhizinisi osengene kwezepolitiki uKenny Kunene kuthiwa akahlabe ikhefu isikhathi esingangenyanga kwiPatriotic Alliance (PA) ngemuva kokutholwa endlini eyodwa nomsolwa ophambili ecaleni lokubulawa kukaDJ Sumbody.
IKaizer Chiefs isiveze ukuthi isaqhubeka nezinhlelo zokusayinisa abanye abadlali ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2025/26.