Owayengumdlali we-Orlando Pirates neBloemfontein Celtic uMark Mayambela uthi phambilini iBucs ibingelona iqembu elidayisela amaqembu aphesheya abadlali kodwa ubona sekuqala ukushintsha lokho.
UMayambela ubeke kanje engxoxweni neSoccerBeat lapho abephendula khona umbuzo wokuthi ngokubona kwakhe kungani iPirates iqoka ukulungiselela isizini entsha eMarbella Football Center, eSpain, kunokuhlala kuleli ibhekane namanye amaqembu adlala kwiCAF.
“Ngokubona kwami, nami yinto ebenginemibuzo ngayo le, kodwa uma ubuka izinto ezenziwa yiqembu ngaphandle kwenkundla yokudlala, kuyabonakala ukuthi iqembu selishintsha ukwenza uma kukhulunywa ngezokukhangisa iqembu,” kuphendula uMayambela.
“IPirates ibingelona iqembu ebelidayisela amaqembu aphesheya abadlali. Kodwa manje bafuna ukukhangisa iqembu emhlabeni wonke, bakhombise ezinye izimakethe ukuthi kukhona abadlali abahle njengoRele, Mbokazi noSelepe…bazoza bezothenga.
“Ngokwami lento yenzelwa ukukhangisa iqembu. Ngisho uMbokazi nje ngesikhathi enikezwa ibhande likakapteni bekukhushulwa inani lakhe. Yinto ezoyisebenzela iPirates le…kodwa uma sikhuluma ngebhola akuwenzi umqondo ukubhekana noBolton noGranada, usazobhekana namaqembu noKaizer Chiefs amaqembu abuthaka.”
Owayengunozinti wePirates uMoeneeb Josephs, naye ogudle iChiefs, uthe ngokubona kwakhe iPirates iqoke ukuthi iqembu liqale libhekane nobunzima e-Europe ukuze kuzokwehlela uma sebedlala kwiBetway Premiership.
Uthi bazofika kwiSoweto Derby yokuqala kule sizini sebengene kahle egiyeni ngakho uyobe elindele amaphuzu aphelele.