Umdlali weMamelodi Sundowns neBafana Bafana uTebogo Mokoena uthi kuningi abakufunde ngesizini edlule abafuna ukwenza kangcono kukho ngesizini ezayo, ikakhulukazi izinto abaziqaphe bedlala kwiFIFA Club World Cup.

UMokoena uphinde waba ngomunye wabadlali abamqoka beSundowns ngesizini edlule inqoba isicoco seBetway Premiership, nasohambweni layo kwiCAF Champions League nakwiClub World Cup abakhishwe kuyo esigabeni samaqoqo.

“Siphilela izinto ezifana nalezi njengabadlali bebhola,” kusho uTebza ekhuluma ngokudlala kwiClub World Cup engxoxweni neSoccerBeat eshicilelwe izolo kuYouTube.

“Yinto ezohlala nami impili yami yonke. Imidlalo esayidlala, izinkundla ebesidlalela kuyo, amaqembu ebesibhekene nayo…angifuni ukusho okuningi kodwa izinga beliphezulu ngempela.

“Sifike sakwazi ukukhombisa umhlaba ukuthi siyakwazi ukuqhudelana nezinye izinkunzi. Sizolungisa amaphutha ethu, sizame ukudlala kangcono ngesizini ezayo.”

Khonamanjalo, iMamelodi Sundowns izoqala imidlalo yeBetway Premiership ngale midlalo emihlanu:

vs Chippa United (9 August), vs AmaZulu FC (12 August), vs Magesi FC (20 August), vs Kaizer Chiefs (27 August), vs Stellenbosch FC (30 August).