Uhulumeni waseNingizimu Afrika usuthembise ukuqinisa imithetho ethinta ukusebenza kwezinkampani zokugembula kuleli njengoba sanda isibalo sabantu abanenkinga yakugembula ngokunjalo nesezinkampani ezisebenza ngaphandle kwemvume.

UNgqongqoshe Wezohwebo, Izimboni kanye Nokuncintisana uParks Tau udalule ukuthi Ibhodi Likazwelonke Lokugembula , iNational Gambling Board (NGB) seliqophe okungenani ama-website okugembula nge-internet (online) awu-90 asebenza ngokungemthetho njengamanje eNingizimu Afrika, wonke abhalisiwe futhi enamalayisense phesheya kwezilwandle.

Uveze ukuthi lezi zinkampani ziyaqhubeka nokuzitamuzela imali yabantu bakuleli ngoba iboard ayikaze ixhumane nama-operators iwazise ukuthi kufanele zivalwe lezi zinkampani, nabantu bayabhalisa kuzo ngoba ayikho indawo okufakwe khona uhlu oluyisaziso ngezinkampani ezingekho emthethweni.

UTau uveze lokhu ephendula imibuzo ePhalamende ngabakwenzayo ukuqinisekisa ukuthi kusebenza izinkampani ezisemthethweni kuphela.

Uthe iNGB isibhalele uGoogle Africa ngama-website ayishumi ukuze asuswe kwi-search engine yaseMzansi.

“Kuze kube yimanje ayikho esisusiwe. INGB izoxhumana noGoogle SA ngakho.”