IKaizer Chiefs isiveze ukuthi isaqhubeka nezinhlelo zokusayinisa abanye abadlali ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2025/26.
Amakhosi aqede kunombolo 9 ngesizini edlule, afuna ukuya kule sizini enesikwati esingcono kunesiqale isizini edlule ukuze iqembu lizolwela izicoco ezihlukene.
Ngemuva kokuphothula uhambo lwaseNetherlands, Amakhosi abuye kuleli ethula ijezi elisha langesizini ezayo. Njengengxenye yokukhangisa ijezi, ophethe ezokukhangisa kwiGlamour Boys, uJessica Motaung, umatasa uxhumana nabezindaba ngezithangami nabo kanye nezingxoxo ezihleliwe.
Engxoxweni neSABC News muva nje uJessica ukhulume ngezinhlelo zokusayinisa abadlali abasha noma iChiefs isivele isayinise inqwaba yabadlali kuleli windi.
“Siyijahe ngabomvu isizini entsha futhi sesikulungele ukuqhudelana namanye amaqembu,” kusho yena.
“Nakanjani sisabheke ukusayinisa abanye abadlali. Iwindi lisavuliwe, liyoze livale ngoSeptember. Abalandeli abagade nje bazi ukuthi sisazosayinisa abanye abadlali.
“Sijabule futhi ngabanye abadlali abavela kwinkulisa abadlale kwi-preseason. Bakukhombisile ukuthi sebeyibambile indlela yokwenza uma uwumdlali weChiefs.”
IChiefs isamataniswa nabadlali beCape Town Spurs u-Asanele Velebayi noLuke Baartman. Ngaphandle kwabo kubalwa nomgadli odabuka eNigeria u-Etiosa Ighodaro.