Umgadli omusha we-Orlando Pirates uYanela Mbuthuma uthi wazisa ugogo wakhe kuqala ngesikhathi eqeda ukusayina inkontileka nezinkunzi zaseSoweto athi ujabule kakhulu ngokuzijoyina.

UMbuthuma ubeyingxenye yesikwati seBucs ebesilungiselela isizini entsha eSpain emasontweni amabili edlule.

Lo mgadli (23) ujoyine iPirates ngemuva kwesizini enhle abe nayo kwiRichards Bay FC lapho aziveze khona njengomunye wabagadli ababukeka benekusasa eliqhakazile kuleli.

Ekhuluma ngokujoyina iBucs nabeSuperSportBet ubeke kanje:

“Umuntu wokuqala engakhuluma naye ngokujoyina iPirates kwaba wugogo. Uyena ebengihlala naye, ngakho ke kwakufanele ngazise yena kuqala,” kuchaza yena.

“Ngamazisa ukuthi kunezindaba ezinhle engiziphethe, ngamtshela ukuthi sengijoyine iqembu elikhulu. Ngesikhathi sengiveza ukuthi ngizodlalela i-Orlando Pirates wajabula kakhulu.

“Okwamanje kwiBucs ngingathi kuhamba kahle. Konke kuhle, ngiphethwe kahle futhi akukho engingakhalaza ngakho.”

Lo mgadli uzobanga indawo nabanye abagadli beBafana Bafana okungu-Evidence Makgopa noTshegofatso Mabasa, ngokunjalo noBoitumelo Radiopane ngesizini ezayo.