UNabi ubala umdlali oyedwa ambona efanelwe ukubizwa kwiBafana
Umqeqeshi weKazier Chiefs usebale umdlali oyedwa anethemba lokuthi uzobuyela eqenjini lesizwe maduze ngenxa yendlela adlala ngayo.
Umqeqeshi weKazier Chiefs usebale umdlali oyedwa anethemba lokuthi uzobuyela eqenjini lesizwe maduze ngenxa yendlela adlala ngayo.
Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi uthi ubonga ikhefu leFIFA elizomsiza ukuthi asebenze nesikwati sakhe ngoba ukubona kuphazamisa umgqigqo weqembu ukudlala kabili ngesonto.
Umdlali othathe indondo yomdlali ovelele emdlalweni we-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns uMbekezeli Mbokazi uthi basebenzise amaqhinga okuthi ‘umuntu ufa nomuntu’ ngesikhathi beshaya iKa Bo Yellow koweligi izolo.
Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uncome abadlali bakhe ngendlela abadlale ngayo beginqa iMamelodi Sundowns, wavuma nokuthi kudingeke ukuthi benze into abangayijwayele begqishe emuva esiwombeni sesibili.
‘Ibhola lidlalwa ngengqondo, hhayi ngenhliziyo. Sishiye ingqondo elocker-room, saya enkundleni’. Ubeke kanje umqeqeshi weMamelodi Sundowns ekhuluma ngemuva kokubuka ezakhe zithola induku ka 2-1 kwi-Orlando Pirates ngeSonto ntambama.