Umqeqeshi weKazier Chiefs usebale umdlali oyedwa anethemba lokuthi uzobuyela eqenjini lesizwe maduze ngenxa yendlela adlala ngayo.
UNabi uveze lokhu ephendula inkulumo kaHugo Broos ngeledlule othe akakwazi ukubiza abadlali beChiefs okwamanje ngoba iqembu alenzi kahle.
Ngemuva kokubuka ezakhe zishaywa yiRichards Bay FC ngo 2-0 eMlazi, uNbai uthe uyasihlonipha isinqumo sikaBroos sokungababizi abadlali bakhe kodwa ukhona oyedwa ambona ekufanele ukuba seqenjini lesizwe.
“Kufanele sizihloniphe izinqumo zakhe njengomqeqeshi weqembu lesizwe, kodwa lokho akuwushintshi umbono wethu wokuthu uThabo Cele uwumdlali oseqopheleni eliphezulu,” kusho uNabi.
“Siyethemba uzobuyela eqenjini lesizwe maduzwe. Siyazi ukuthi uma esebenza ngokuzikhandla kuzofezeka lokho.”
NgeSonto eledlule, uBroos wabeka kanje ebuzwa ngokungabizi noyedwa umdlali weChiefs:
“Uma iqembu selidlala kangcono nabadlali sebekhuphule amasokisi, sizobabiza abadlali beChiefs. Kodwa okwamanje angisiboni isidingo sokubabiza ngoba bathwele kanzima kwiligi. Asethembe ukuthi ngesizini ezayo bazokwenza kangcono balwele isicoco seligi.”