‘Ibhola lidlalwa ngengqondo, hhayi ngenhliziyo. Sishiye ingqondo elocker-room, saya enkundleni’. Ubeke kanje umqeqeshi weMamelodi Sundowns ekhuluma ngemuva kokubuka ezakhe zithola induku ka 2-1 kwi-Orlando Pirates ngeSonto ntambama.
Lo mqeqeshi ubenganeme neze nabadlali bakhe, ebasolo ngokudlala ngenhliziyo esiwombeni sokuqala njengoba bededela amagoli amabili avalelwe wuRelebohile Mofokeng emizuzwini emihlanu kuqale umdlalo.
“Uma uzoqala umdlalo ngendlela esiqale ngayo akumele ulindele izinto ezinhle,” kusho uCardoso ekhuluma nabeSuperSport TV ngemuva komdlalo.
“Ngingabashayela ihlombe nje ngokuthi sidlale kahle ngemuva kwegoli labo lesibili kwaze kwashaya umzuzu ka-25. Ngemuva kwalokho zidlale ibhola ngaphandle kokusebenzisa umqondo, besidlala ngenhliziyo. Sishiye ingqondo elocker-room, saya enkundleni, kanti ke ibhola lidlalwa ngengqondo isikhathi esiningi.
“Esiwombeni sibuye nengqondo enkundleni. Ngeshwa ke kube nemizuzu ewu-15 obekungadlalwa ibhola kuyo. Wonke umuntu ubewa, sikhahlelwa. Bekungelona ibhola. Yihlazo nje, kodwa yinto esibhekane nayo yasiqedela amandla.”