Umdlali othathe indondo yomdlali ovelele emdlalweni we-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns uMbekezeli Mbokazi uthi basebenzise amaqhinga okuthi ‘umuntu ufa nomuntu’ ngesikhathi beshaya iKa Bo Yellow koweligi izolo.
“Kudlalekile namhlanje. Kusukela sijima iviki lonke besazi ukuthi ngeke basishaye ngetshe elilodwa, nathi sizozama ngakho konke ukuthi siwine ngoba sisekhaya,” kuchaza uMbokazi ngemuva komdlalo.
“Umqeqeshi uthe umuntu ufa nomuntu. Watholana nomuntu yifa naye. Sibonile kusisebenzela, sathi asivalele amagoli ngokushesha bese siyavala emuva. Kwadlaleka. Esiwombeni sesibili sikhethe ukuvala emuva. Mncane u-45 minutes uma uvale emuva ngendlela esifuna ngayo.
“Balitholile elilodwa sathi bafwethu abagcine ngaleli elilodwa. Sithe asilweni nabo, uma kuwukuthi kukhona ofayo uyafa aphume enkundleni kungene abanye. Kusisizile ukuba nenkani.”
IPirates isiyoze idlale neMC Alger kwiquarterfinal yeCAF Champions League ngo-1 April.