Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uncome abadlali bakhe ngendlela abadlale ngayo beginqa iMamelodi Sundowns, wavuma nokuthi kudingeke ukuthi benze into abangayijwayele begqishe emuva esiwombeni sesibili.
Ezimnyama zinqobe ngamagoli amabili avalelwe wuRelebohile Mofokeng kusanda kuqala umdlalo izolo. EleSundowns livalelwe wuKhuliso Mudau esiwombeni seibili. IBucs ichithe isikhathi esiningi isigqishe emuva esiwombeni sesibili njengoba iSundowns ibihlasela ifuna igoli lokulinganisa kodwa yangaphumelela.
“Sidlale kahle. Kunzima ukubhekana neSundowns, ngikholweni. Kunzima ngempela ngoba badlala ibhola elihle,” kusho uRiveiro ngemuva komdlalo.
“Siwuqale kahle umdlalo sazibeka phambili. Sekuze kwenzeka ukuthi sikore kuqala sihole umdlalo uma sibhekene nabo. Kusisizile ukuthola amagoli amabili.
“Sidlale kahle kakhulu, abadlali bawathembile amaqhinga esingene nawo enkundleni. Sithwale kanzima esiwombeni sesibili kodwa sikwazile ukubavimba, ngisho sesidlalela eduze noChaine okuyinto abangayijwayele.”
Ukunqoba kweBucs kubuyise amathemba abalandeli bayo ukuthi kusangenzeka noma yini kwisicoco seligi njengoba isanemidlalo emine esandleni.
Abadlali bePirates neSundowns bazohlangana ekhempini yeBafana Bafana namhlanje.