UJose ubheke ukufinyelela kowamanqamu kwiNedbank Cup
Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uthi bazokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi bayifaka induku iSuperSport United emdlalweni wabo weNedbank Cup.
Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uthi bazokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi bayifaka induku iSuperSport United emdlalweni wabo weNedbank Cup.
Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi uthi awamphethe kahle amaphuzu abawalahle kwimidlalo obekufanele bayinqobe kalula kule sizini kodwa usazimisele ngokuqeda endaweni yesethathu kwilog yeBetway Premiership ukuze bezodlala e-Africa ngesizini ezayo.
Njengoba sekuqinisekisiwe ukuthi lifakwe endalini iqembu likaShauwn Mkhize, iRoyal AM, sibheka esilindeleke ukuthi kwenzeke ngemuva kokudayiswa kweqembu.
Omunye wabaqeqeshi beRichards Bay FC, uPapi Zothwane, uthi bafuna ukwenza konke okusemandleni ukugwema ukudlala kuma-play-offs okuvika izembe ekupheleni kwesizini ngoba bayawazi anzima kangakanani.
Iqembu laseLimpompo iSekhukhune United liphinde lakhombisa ukungamhloniphi uLehlohonolo Seema exoshwa okwesibili iqembu lisendaweni enhle kwiBetway Premiership.