Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi uthi awamphethe kahle amaphuzu abawalahle kwimidlalo obekufanele bayinqobe kalula kule sizini kodwa usazimisele ngokuqeda endaweni yesethathu kwilog yeBetway Premiership ukuze bezodlala e-Africa ngesizini ezayo.

IChiefs ikunombolo 8 njengamanje kwilog yeBetway Premiership, isele ngamaphuzu amathathu kwiStellenbosch FC ekunombolo 3. Empeleni kumaqembu ahleli phakathi kuka-nombolo 3 nonombolo 8 kusangenzeka noma yini.

Njengoba iChiefs isele ngamaphuzu awu-27 kwiMamelodi Sundowns, uNabi uthi usebheke itop 3 neNedbank Cup ngoba bafuna ukudlala kwiCAF Confederation Cup ngesizini ezayo.

“Sesilahle amaphuzu amaningi kakhulu, ngikhuluma ngemidlalo esasingayinqoba kakula,” kusho uNabi ekhuluma nabezindaba.

“Isibulele lento. Ngiyakuqonda ukungenami kwabalandeli, yingakho ngaxolisa. Angineme ngalesi simo nami.

“Ngicabanga ukuthi lisekhona ithuba lokuya e-Africa. Uma siqeda kwitop 4 (top 3) kuzokwenzeka. Asikho kude kakhulu. Kunabadlali ababuya ekulimaleni, uWandile Duba no-Ox Mthethwa.”

IChiefs izobhekana neStellenbosch FC kuma-quarterfinal eNedbank Cup kusasa ngo-18:00 eNelson Mandela Bay Stadium.