Omunye wabaqeqeshi beRichards Bay FC, uPapi Zothwane, uthi bafuna ukwenza konke okusemandleni ukugwema ukudlala kuma-play-offs okuvika izembe ekupheleni kwesizini ngoba bayawazi anzima kangakanani.
Kuzokhumbuleka ukuthi iqembu eliqeda kunombolo 15 kwiBetway Premiership lizongena kuma-play-off neqembu eliqede kunombolo 2 nelinye eliqede kunombolo 3 kwiMotsepe Foundation Championship.
Njengamanje iBay ikunombolo 12 ngemuva kokufaka iSekhukhune United induku ka 2-1 ngoLwesithathu ebusuku. Isiqoqe amaphuzu awu-11 emdlalweni emihlanu edlule okuyirekhodi elincomekayo uma ubuka nokuthi igweme induku kule midlalo.
“Engikwaziyo ngeqembu lethu wukuthi sinawo amava okudlala kuma-play-off – akukho mnandi. Angicabangi ukuthi likhona iqembu elifuna ukudlala kuma-play-off,” kusho uZothwane.
“Ngaleli qembu esinalo, abekho abadlali abayizihlabani, siphethe abadlali abasebenza ngokuzikhandla. Senza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi asingeni kuma play-off.
“Wonke umuntu obuka iBay uyabona ukuthi bonke abadlali bazimisele ngokugwema izembe – akukho lula ngoba asikasuki ngokuphelele ezembeni, kusanemidlalo ewu-10 esazodlalwa.
“Siyaphusha kodwa, sifuna ukuthi okungenani uma sekusele imidlalo emihlanu sikwazi ukuphefumula sithi ‘ngeke sidlale kuma play-off’ kodwa sisabhekene nomqansa. Kumele siye kwiMagesi sivule igebe ukuze sizophefumula.”
IBay izobhekana neMagesi FC ngesonto elizayo ngoLwesibili.