Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uthi bazokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi bayifaka induku iSuperSport United emdlalweni wabo weNedbank Cup.

Ezimnyama zizotholana phezulu naMatsatsantsa a Pitori kusasa ngo-15:00 e-Old Peter Mokaba Stadium.

Ekhuluma ngaphambi kwalo mdlalo, uRiveiro uthe kuzobaluleka ukuthi abadlali badlale sengathi umdlalo wamanqamu.

“Kubalulekile ukuthi senze konke okusemandleni kuwo wonke umqhudelwano esidlala kuwo. Sinefiso sokudlala kuyona yonke imidlalo yamanqamu emqhudelwaneni esikuyo,” kusho uRiveiro ekhuluma nabezindaba.

“Siyazi kuzoba nzima ukufinyelela kowamanqamu kodwa uma sizitshela ukuthi sifuna ukufinyelela kuwo senza kangcono njengeqembu.

“NgoMgqibelo sifuna ukudlala kangcono kuneSuperSport ukuze sizozibekisela indawo kuma semifinal. Siyazi kuzoba nzima kodwa kufanele sibe sezingeni elifanelwe yilo mdlalo.”

Khonamanjalo, njengoba iphela inkontileka kaRiveiro ekupheleni kwale sizini, sekungene imibiko eveza ukuthi kunamaqembu azimisele ngaye emazweni ase-Europe ngokunjalo naseNorth Africa.