UGareth Southgate uthuse abaningi elaxaza umdlali weManchester City odume ngezihluzu, uJack Grealish, esikwatini esizomela iNgilandi emidlalweni ye-Euro eGermany. Abanye abadlali obekulindeleke ukuthi bangene abasale ngaphandle wuHarry Maguire noJames Maddison.

Iqembu lamaNgisi libalwa phambili kumaqembu asethubeni elihle lokunqoba i-EURO 2024 ezoqala ngesonto elizayo.

Kulo mncintiswano kuzobe kuhlangene onke amazwe amakhulu ase-Europe adlule emidlalweni yokuhlunga.

Amehlo amaningi abebheke kuGareth Southgate njengomqeqeshi welinye lamaqembu okulindelwe lukhulu kuwona, eligcwele nabadlali abasedlale kahle kakhulu emaqenjini abo ngesizini ephelile njengoJude Bellingham, Phil Foden, Harry Kane, nabanye. Bekubonakala sengathi ubhekene nezinqumo ezinzima lo mqeqeshi, kodwa useziqedile izinkulumo ngokumemezela abadlali azoya nabo eGermany kanye nabasalayo.

Ohlwini lwabadlali abasalayo kubalwa uHarry Maguire okuthiwa akakalulami ngokuphelele emva kwesikhathi eside elimele, uJack Grealish, James Maddison, Curtis Jones, James Trafford kanye noJarrel Quansah. Abalandeli abaningi be-England bazijabulelile izinqumo ezenziwe umqeqeshi wabo, futhi banethemba lokubuya naso isicoco se-Euro 2024.

Nasi isikwati se-England esiphelele esikhethwe uGareth Southgate:
Dean Henderson, Jordan Pickford, Aaron Ramsdale
Jarrad Branthwaite, Lewis Dunk, Joe Gomez, Marc Guehi, Ezri Konsa, Luke Shaw, John Stones, Kieran Trippier, Kyle Walker, Trent Alexander-Arnold
Conor Gallagher, Adam Wharton, Declan Rice, Jude Bellingham
Eberechi Eze, Jarrod Bowen, Phil Foden, Anthony Gordon, Harry Kane, Cole Palmer, Bukayo Saka, Ollie Watkins, Ivan Toney.

Kulindelwe ukuthi leli qembu lidlule kalula ku group B la abaqhathwe khona neDenmark, iSlovenia, kanye neSerbia.