INigerian Football Federation (NFF) ithi ibhecwa ngobubende inyama ingayidlanga odabeni lokulala kweBafana Bafana esikhumulweni sezindiza izolo, kunalokho isola iSAFA ngokungahleleki.
INFF ikhiphe isitatimende iziqhathulula kulolu daba njengoba igxekwa ngapha nangapha isolwa ngokuba nesandla ekuphazamisekeni kwezinhlelo zeBafana egcine efike endaweni yokuziqeqesha izolo ntambama.
Isikhulu se-NFF, u-Emmanuel Ayanbunmi uthe iSAFA yayibatshele ukuthi izosuka ngo-8 ekuseni kuleli bese ifikela eLagos, idlule kwababheka izincwadi zabangaphandle bese idlulela e-Uyo (la eziqeqesha khona ngaphambi komdlalo wanamhlanje).
“Izinkinga ababhekane nazo azihlangene ne-NFF. Ngesikhathi beseNingizimu Afrika kubathathe amahora amahlanu ukuthi basuke. Abasazisanga ngokubambezeleka kwabo. Sabacelela ke eLagos ukuthi iNigera Immigratuon Service nezinye izinhlaka ukuthi baphuthumise okuthinta iBafana.
“Kuthe kungakapheli namahora amabili befikile, basithinta besitshela ukuthi bavunyelwe ukwehla ePort Harcourt International Airport, hhayi eMMA eLagos. Kudingeke ukuthi sicele ukuthi sixhumane nabantu abasePort Harcourt nakhona ukuthi baqinisekise ukuthi bemukelwa ngendlela esheshayo.
“Kuthe sekuqedwa izinto ezithinta abangaphandle, bafuna ukusuka beye e-Uyo kodwa baziswa ukuthi i-Obong Victor Attah Airport iyavala kusihlwa okusho ukuthi ngeke kwenzeke. INFF yenze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi bachitha ubusuku obuhle ePort Harcourt.