Umengameli waMaZulu FC uSandile Zungu useqinisekise izindaba zokuhamba kwabadlali abathathu kuleli qembu ngaphambi kwesizini ka-2024/25.

Engxoxweni neSABC Sport uZungu uthe laba badlali abekho ezinhlelweni zikamqeqeshi uPablo ‘Cijimpi’ Martin njengoba eselungiselela isizini ezayo.

Kubadlali abahambayo kubalwa umdlali wasemuva uVeluyeke Zulu, owayengumdlali weKaizer Chiefs uGeorge Maluleka nomgadli u-Augustine Kwem.

Bonke basayine kuSuthu emnyakeni emibili edlule kusaqeqesha uBrandon Truter.

“Ngingakuqinisekisa ukuthi bayhamba bonke ngoba izinkontileka zabo seziphelile,” kuchaza uZungu.

“Umqeqeshi nabasizi basahlaziya okumele kwenziwe, futhi banezinye izinhlelo. Lokhu kusho ukuthi ngeke behlale oVeluyeke Zulu, George Maluleka no-Augistine Kwem.

Okwamanje akukacaci ukuthi luzogawula kuphi uSuthu njengoba kucacele ngisho ingane ukuthi kuningi okushodayo ukuze leli qembu libuyele ezingeni elalikulo ngaphansi kwaBenni McCarthy, owalifaka kwiCAF Champions League,